Lombiko unezinhlelo zemikhakha elishumi (njengoba idingwa ihhovisi lika PIMSS) ezilungiselwe isigaba sesine sohlelo lwentuthuko oludidiyelwe.
Inhloso yombiko ukuveza umbono womkhakha ngamunye nokubonisa ukuthi izinjongo ezivele emaphuzwini abalulekile embikweni wesigaba sesibili zihambisana kanjani nalemikhakha.
Ukuhlasela kwegciwane lesandulelangculazi nengculazi kuzwakele kuso sonke isifundazwe nakhona lapha Okhahlamba.
Ubuphofu, nokwesweleka kwemisebenzi, ukusebenzela kude namakhaya , ukuncipha kwemikhuba emihle empilweni yemindeni neyomphakathi kuyanezezela ebunzimeni bokunqanda lesisifo kanti nekhambi lokuselapha kusaxoxiswana ngalo ikakhulukazi mayelana nokuthelelana kwalo phakathi kukamama nomntwana. Lesisifo singesinye sezifo ezibangela ukwenyuka kwamazinga okufa kwabantu.
Ukukhula komphakathi woKhahlamba kuyehla ngenxa yalesisifo lokhu kusho ukuthi kudingeka ukucophelela okukhulu lapho kuhlelelwa ukwengezwa kwenqgalasizinda nezidingo ngenxa yokubaluleka kokusimama kohlelo lokulethwa kwezidingo.
Umbono womkhakha nezinjongo ezihambisana nawo.
Kudingeka kubhekisiswe amanani ezimali zoxhaso lwezenhlalakahle nolwazi lokuthi zitholakala kanjani lutholakale.
Ukukhuthaza izinhlelo zokuqwashisa ngamathuba omnotho nokwakha izizinda ezinikeza usizo lobuchwepheshe nezeluleko ngentuthuko.
Ngokwemiphumela yokubalwa kwabantu ngonyaka ka 1996 kubikwa ukuthi umphakathi Okhahlamba ulinganiselwa ku 119319 iningi labo lihlala ezindaweni zamaKhosi ezingaphandle kwamadolobha nasezabelweni kanye nasezindaweni ezihlelelwe ukuhlaliswa kwabantu.
Kubikwa nokuthi kunesilinganiso sokuthi umndeni ngamunye Okhahlamba unamalungu ayisikhombisa.
Umphakathi omningi walapha yintsha okutholakale ukuthi inamazinga aphansi emfundo namathuba amancane okuthola imivuzo. Lesisimo siqhubela phambili ubuphofu namazinga aphansi empilo.
Umbono womkhakha nezinjongo ezihambisana nawo.
Ukubhekana nembangela yobuphofu ngokuletha amathuba enhlalakahle nawomnotho eduze kweningi lomphakathi.
UMasipala abhekisise amanani ezimali zoxhaso lwezenhlalakahle enze nolwazi lokutholakal kwazo lutholakale.
Inqgalasizinda imbandakanya ukutholakala kwamanzi ayisamba nalawo asehlelelwe ukuya ezindaweni ezehlukene, ukulahlwa kwendle, ukuthutha, ukuqoqwa nokulahlwa kwemfucuzal, amandla kagesi, nokuxhumana nezakhiwo okutholakala kuzona izidingo zenhlalakahle.
Kube, kusukela ngo 1994 uHulumeni wakhipha izimali ezinkulu zokuba kufakwe inqgalasizinda kwatholakala ukuthi oKhahlamba amasu awabangakhona. Mhlawumbe uhlelo lwentuthuko oludidiyelwe luzisiza ngokwakha umqondo ngokudingeka kwenqgalasizinda. Umgomo wendlela yokuhlela ukusungulwa kwamaweb. Amaweb achaziwe ngaphansi kwesihloko somkhakha wokuhlelwa kwendawo.
Ukuqhuba umsebenzi wokufaka inqgalasizinda kancanekancane esemazingeni azofinyeleleka ngokomnotho azodala ukusimama ukuze amazinga empilo abe ngcono kuzona zonke izakhamuzi zoKhahlamba.
Ezolimo yiwona mkhakha oqinile ekuhlengeni isimo somnotho kuloMasipala. Kunomkhakha oqinile wezohwebo kwezolimo namathuba akhona okuqhubela phambili intuthuko kulomkhakha nokukhuthaza ukuthelelana phakathi kwezindawo ezisohlelweni lwezinguquko kwezomhlaba kanye nezindawo ezingaphansi kwamaKhosi lapho kunomhlaba ongakhululelwa ukulima..
Uhwebo kwezolimo luthatha indawo elinganiselwa ku 70 kokungu 100. Lendawo iyalinywa impela ngokwenelisayo. Kulinywa lokhu okulandelayo (umbila, ubhontshisi nokolo- kuniselwa ngenkasa kanye nezitshalo ezidinga umhlaba owomile), izitshalo eziluhlaza, kuyasengwa futhi kukhiqizwa inyama yenkomo neyemvu. Uhwebo ngezingodo lwenzeka endaweni encane elinganiselwa koku 1.9 kokungu100.
Indawo esele elinganiselwa koku 30 kokungu 100 , ngaphandle kwamadolobha amancane , igcwele abantu abakhe ezabelweni kanye nezindawo zamaKhosi lapho imikhiqizo yezolimo ngeyokondla imindeni kuphela.
Ukuvuleleka komnotho weNingizimu Africa ngonyaka ka 1994 kwaqeda ukuvikeleka kwabalimi ngokuphela kwezimali zoxhaso, lokhu kwadala ukuba ukudla okuvela emazweni angaphandle kubize kangcono kunokudla kwangaphakathi. Lokhu kudale ushintsho ezindleleni zokuphathwa kwemikhiqizo, ukusintsha kwamabhizinisi, ukwehla kwezindleko bokubuyela ezindleleni zokulima izindawo ezinkulu. Izindleko zomhlaba bezilokhu zehla nakuba kubonakala sengathi lokhu kuba ngcono.
Imikhiqizo yenyama yenkomo yilona bhizinisi elike labhekana nesidingo sokuba kwehliswe izindleko , lokhu kwenza ukuba kubuyelwe kulolohlobo lwezinkomo oludinga ukuphiwa kancane ukudla . Ngenkathi kwenzeka lokhu zehlisiwe izindleko zomsebenzi owenziwa kulenyama.
Umoya ongemuhle phakathi kwabanikazi bamapulazi nabasebenzi bamapulazi kanye nomakhelwane; kanye nokuphoqwa kwabalimi ukuba bakhokhe intela yamapulazi.
Izindawo ezinobunini obuhlanganyelwe zinenkinga yokungabi namnini oyedwa, bacishe bacinae abantu ezindaweni ezihlelelwe ukuhlaliswa kwabantu, baye nggokuqgaqgana kulezozindawo eziqhelile kulezo ezihleliwe. Izindawo zokulima zincane, amanani emfuyo awanamkhawulo, imfuyo ihamba igcwale indawo yonke lokhu okubangela umonakalo ezitshalweni futhi ukulima kwenzelwa ukondla imindeni akukho mikhiqizo ethengiswayo.
Izilimo ezikhiqizwayo yilezi; umbila, ubhontshisi, amazambane, bese kuba yizitshalo ezincane eduze kwamakhaya nasezingadidni zomphakathi. Ukudla okulinyiwe kondla imindeni kube kuncane okuthengiswayo khona lapho endaweni.
Ukusungulwa kobudlelwane nemboni yezokuvakasha ukuze kwakhiwe izivumelwano zokuthengiselana imikhiqizo.
Nokuntuleka kwabazosebenza ipulazi emindenini. Lokhu sekunezezelwa nawukubheduka kwegciwane lesandulelangculazi nengculazi elibonakala liyiphazamisa imindeni eminingi ngesikhathi ilwa nesimo somnotho.
Ukuthuthukiswa komnotho wezolimo ozofinyelela ezingeni lokusimama komnotho nesimo sendawo futhi uvuleleke kulabo abazongena kulomkhakha abasezindaweni zamaKhosi nasezabelweni.
Ukuzabalazela ukwakha isimo sokuhambisana kokukhula komnotho nokusetshenziswa kwabantu nemvelo.
Uhlumeni kazwelonke ubona umkhakha wezokuvakasha kuyiwona odinga ukuthuthukiswa kakhulu. Lomkhakha awukathuthukiswa ngokwenele ngasezintabeni zoKhahlamba kanti kunamathuba okuba uthuthukiswe.
Ukuvula umkhakha wezokuvakasha ukuze izindlalifa zendawo ngobuningi bazo zibe yingxenye ngaphakathi kohlelo lomhlaba wonke jikelele nolwangaphakathi.
Ukuzabalazela ukwakha isimo sokuhambisana kokukhula komnotho nokusetshenziswa kwabantu nemvelo.
Umnotho yisamba semikhiqizo yonke yokuxhumana komuntu nendawo aphila kuyona. Uphathelene nokwazi ukukhiqiza ingcebo nokuthi leyongcebo yahlukaniswe ngokulinganayo futhi iphathwe ngendlela ezokwenza ukuba isimame. Uphathelene nentuthuko yomnotho wangaphakathi endaweni kanti ushiya ngaphandle imikhakha yomnotho kwezokuvakasha nezolimo ukuba izimele emibikweni yayo.
Ukuqiniswa komnotho ukuze ukwazi ukubhekana nezimakethe ezintsha namathuba ngendlela ezokwandisa imikhiqizo yesifunda namazinga empilo yazo zonke izakhamuzi.
Ukuzabalazela ukwakha isimo sokuhambisana kokukhula komnotho nokusetshenziswa kwabantu nemvelo.
Ukufeza izidingo zemfundo zabantu bendawo ukuze kusunguleke amathuba okukhula nokusimama komnotho.
Isimo sendawo kulombiko sisho ikakhulukazi isimo sendawo mayelana nemvelo nesakhiwo sendawo nakuba kungasho ukuthi siphelela kulezizinhlangothi kuphela.
Ukuqinisekisa ukuthi ukongiwa kwemvelo kuyasimama ukuze intuthuko yakhelwe phezu kwakho.
Ukulandela uhlelo lokuphathwa kwendawo oluzokwelekelela ukonga izindawo ezibucayi lwengeze ekuphathweni kwazo zonke izindawo ngaphansi kwesimo sokusimama.
Ukuzabalazela ukuhambisana phakathi kokukhula nentuthuko yomnotho kanye nokusetshenziswa ngendlela ezodala ukusoimama kwabantu nemvelo.
UKhomishani wezokwabiwa kabusha komhlaba nokubuyiselwa komhlaba kubanikazi ubika ukuthi kunezicelo ezingu 46 abamatasatasa ngazo ezingaphansi kwendawo yaseBergville. Alubnagakhona olunye ulwazi olutholakele ngalombandela.
Ukuba nababusi bendabuko abathathu kuphela kwenza kube lula ukuxhumana.
Izinhlelo zezinguquko kwezemihlaba sekuyisikhashana zaqala. Ngakhoke imiphakathi eminingi, nezinhlangano ezizizmele , neminyango kaHulumeni bamatasatasa ngaloludaba futhi banabasebenzi abanolwazi oluphelele ngalomkhakha kulesisifunda.
Lendawo seykie yahlukunyezwa yimibango yomhlaba nendlela yokuphathwa komhlaba phambilini.
Umnyango Wezemihlaba unabasebenzi abangenele okwamanje kanti izidingo zomphakathi zinkulu ikakhuklukazi ezabasebenzi bamapulazi.
Ukusetshenziswa kezinhlelo zezinguquko kwezomhlaba njengethuba lokukhuthaza intuthuko kwezolimo phakathi kwabalimi abasafufusa nokuhlela kabusha ubunini bomhlaba ngokwabiwa kwawo.
Ukuzabalazela ukwakha isimo sokuhambisana kokukhula komnotho nokusetshenziswa kwabantu nemvelo.
UMasipala abhekisise izindlela zokwabiwa kwezimali zoxhso lwezenhlalakahle azise nezindlela zokutholakala kwalo.
Ziyisithupha izinhlaka ezahalanganiswa ngenkathi kwakhiwa uMasipala Okhahlamba. Okhahlamba kunamawrd angu 13, I ward ngayinye ineKhansela elakhethwa ngumphakathi bese kuba namaKhansela angu amele izinhlangano 13 aseMkhandlwini kaMasipala.
Amakomidi esikhashana ayasungulwa lapho kunesidingo. Kunezikhala ezingu 25 kuMasipala ezinabantu okwamanje, kuyacatshangwa ukuthi lapho uMkhandlu sewusunguleke kahle kuyoba khona ezinye izikhala ezingu18 ezisukela esikhundleni soMqondisi kwehla kuya emazingeni ababenzi abanjengomabhalane bamaKomidi. Zimbili izikhala zabaqondisi ezisavelile.
Ukuhlanganiswa kwemisebenzi kaHulumeni kazwelonke neyesifundazwe kanye neyeminyango kaHulumeni eyenzeka endaweni kaMasipala.
Omasipala akufanele bahle ngendlela yokusebenzisa izimali abangenazo. Lokhu kusho ukuthi imali eqoqwa nguMasipala okungenani ayilingane nemali yokuqhutshwa komsebenzi sekuhlangene nokubuya kwemali, abasebenzi, izimpahla zokusebenza nezimpahla zokusebenza nezokwakha, ihhovisi nemisebenzi kaMasipala nokunye. Ukutholakal mahala kwezidingo nakhpo kufanele kubalelwe ngaphakathi kwezindleko zikaMasipala zokuqhutshwa komsebenzi.
Ukuxazulula amaphuzu abalulekile eziqondene nentsha nabantu besifazane kuwona onke amazinga okubuswa kwendawo ngokusebenzisa izinhlaka zomphakathi ezilhlekile.
Ukukhuthaza ukudidiyelwa kohlelo lwendawo yoKhahlamba ngendlela yokuthuthukiswa kwamaweb nemizila ehlanganisa izindawo.
Ukuzabalazela ukwakha isimo sokuhambisana kokukhula komnotho nokusetshenziswa kwabantu nemvelo.
